Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:10 - IsiZulu 2020

10 Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngenxa yobudlova bakho kumfowenu uJakobe buyakusibekela, futhi uyonqunywa kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:10
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wathi kunina uRibheka: “Bheka, umnewethu u-Esawu uphuphuzela uboya, kanti mina nginesikhumba esibushelelezi.


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


ngokuba phezu kwakho konke kwafika nabakwa-Edomi bashaya uJuda, bathumba abaningi.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Ngokuba ngichashwa ngenhlamba ngenxa yakho, ihlazo lisibekele ubuso bami.


Uzifinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela


Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kodwa umlomo wezikhohlakali ufihla ubudlova.


Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Masilale phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuSimakade uNkulunkulu wethu, thina nokhokho bethu, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Ngizifunge Mina uqobo, kusho uSimakade, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, ihlazo, into esabekayo, nesiqalekiso, nayo yonke imizi yalo iyakuba yincithakalo yaphakade,” kusho uSimakade.


“Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”


Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka