Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amaqhawe akho, Themani, ayakwethuka, ukuze zonke izintaba zakwa-Esawu zinqunywe ngokubulawa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.


Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.


Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani.


Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”


onesibindi phakathi kwamaqhawe uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


“Uma amasela efika kuwe, nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho bebengayikweba baze baneliswe na? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?


Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela* Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.


ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka