Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 3:8 - IsiZulu 2020

8 Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 3:8
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


Wathulisa isiphepho, kwathula du, kwathula namadlambi olwandle.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, phrofetha kuwo umoya, phrofetha uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Woza, moya uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo, ukuze baphile.” ’ ”


abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’


UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”


Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.


Ngokuba ngubani kubantu okwaziyo okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Kanjalo-ke nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu okwaziyo.


Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka