Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 3:8
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.


Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.


Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”


abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.


Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’


UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”


Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.


Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka