Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:2 - IsiZulu 2020

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.


“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


Kwakumi lapho izinceku nezikhonzi zibase umlilo wamalahle, zotha, ngokuba kwakumakhaza; noPhethro wayemi nazo, otha umlilo.


Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle.


UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe.


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


Nginomthwalo omkhulu emahlombe ami ngamaGriki nabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabayiziwula.


Kepha memukeleni obuthakathaka ekukholweni, kungabi ngemidlinzo yokumehlulela.


Odlayo makangamdeleli ongadliyo, ngokunjalo nongadliyo makangamehluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Khona labo abangasokile ngokwemvelo, kodwa bewugcina umthetho, bayakunehlulela nina eninomthetho obhaliwe kanye nokusoka kodwa niwephula umthetho.


Ngakho-ke uma ngingakuqondi okukhulunywayo, ngifana nowezizwe kokhulumayo, naye ufana nowezizwe kimi.


Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze.


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka