Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.


“ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.


Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha.


Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe.


Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.


Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”


Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;


Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.


Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Khona ongasokile ngokwemvelo, egcina umthetho, uzakwahlulela wena othi unombhalo nokusoka, weqe umthetho.


Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.


ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze;


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka