Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu. Kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini sendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngenxa yale ndaba nangenxa yemvula enkulu.


Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.


Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.


Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.


Kwakumi izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle; Base besotha, noPetru wayemi nabo otha.


Ngangomuso safika eSidoni; UJuliyu waphatha uPawulu ngobubele, wamvumela ukuba aye kubangane bakhe, athole usizo.


UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.


Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.


Ngilomlandu kumaGriki lakwabezizwe; kwabahlakaniphileyo nakwabangahlakaniphile.


Obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kodwa kungabi ngokuphikisana.


Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Nongasokile ngokwemvelo, uma egcina umthetho, uyakukwahlulela wena oweqa umthetho ngokomthetho nokusoka na?


Ngakho uma ngingazi incazelo yezwi, ngiyoba ngowezizwe kokhulumayo, nokhulumayo uyakuba ngowezizweni kimi.


Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka