Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:23 - IsiZulu 2020

23 ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:23
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba uJoramu ambone uJehu, wayesethi: “Uze ngokuthula yini, Jehu na?” Wathi: “Ukuthula kwani, kusekuningi kangaka ukufeba nokulumba kukanyoko uJezebheli?”


“Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali sicinywa khona, zehlelwe yinhlekelele, zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?


Ngokuba omubi akayukuba nalo ikusasa, nesibani sezikhohlakali siyakucima.


Ngubani owenze leli cebo ngeThire, umethwesi wemiqhele, obahwebi bakhona bekuyizikhulu, nabathengi bakhona bengabahlonishwayo emhlabeni?


Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakuqeda kule ndawo, phambi kwenu, nasemihleni yenu, umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nezwi likamakoti.’


Futhi ngiyakuqeda nya kubo umsindo wokujabula nomsindo wentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, nomsindo wamatshe okusila nokukhanya kwesibani.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


ngokuba budlangile ubufebe besifebe esibukekayo, umpetha wokuyenga, umkhunkuli othengisa izizwe ngobufebe bakhe, nemindeni ngokukhunkula kwakhe.


Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”


ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.


Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,


Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.”


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.


Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba,


Abaphendukanga futhi ekubulaleni, ekuthakatheni, ebufebeni, nasekwebeni kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka