Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:22 - IsiZulu 2020

22 Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:22
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yebo, lobo busuku mabube yinyumba, kungezwakali msindo wenjabulo kubo.


lapho neminyango ephumela emgwaqweni iyovalwa, nomsindo wesigayo ushayele phansi, abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni, nokuhlabelela kwamadodakazi sekuzwakalela phansi,


Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakuqeda kule ndawo, phambi kwenu, nasemihleni yenu, umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nezwi likamakoti.’


Futhi ngiyakuqeda nya kubo umsindo wokujabula nomsindo wentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, nomsindo wamatshe okusila nokukhanya kwesibani.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ngiyakuwuqeda umsindo wezingoma zakho, nokunkeneneza kwamahabhu akho akuseyukuzwakala nanini.


UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esethukile,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka