Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:21 - IsiZulu 2020

21 Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.


Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.


Utwa lwabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe.


Ngiyakwenza isiphetho sakho sibe ngokwesabekayo, ungabe usaba bikho; uyakufunwa, kodwa awuyukutholakala kuze kube phakade,” kusho iNkosi uSimakade.


Uyakuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini.


Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyanwanga.


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka