Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

23 ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:23
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?” Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”


“Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?


Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.


Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo, elibathengi balo bayizikhulu, nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?


Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.


Futhi ngiyakususa kubo izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani.


Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.


ngenxa yobuningi bobufebe besifebe esibukekayo, umnikazi wokulumba, esithengisa izizwe ngobufebe baso, nemindeni ngamalumbo aso.


babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.”


nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA


Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,


ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”


“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka