Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 14:9 - IsiZulu 2020

9 Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngubani ohlakaniphileyo, aqonde lezi zinto? ohlakaniphileyo, futhi uyobazi? ngokuba izindlela zikaJehova zilungile, abalungileyo bahamba kuzo; kepha abaphambukayo bayakuwela kukho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 14:9
46 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.


Ngiyazi Simakade, ukuthi izehlulelo zakho zilungile, nokuthi ngokwethembeka wangijezisa.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali.


Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.


Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.


Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.


Abasayukuwanaka ama-althare abo, umsebenzi wezandla zabo, abasayukuwubheka kulokho okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-althare empepho.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na?


“Bayakufika lapho bakususe konke okunyanyekayo kwalo, nazo zonke izinengiso ezikulo.


“Kepha nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilungile.’ Ake nizwe nina ndlu yakwa-Israyeli: indlela yami ayilungile yini na? Akusizo yini izindlela zenu ezingalungile na?


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.


USimakade ulungile kuwo, akakwenzi okungalungile. Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo sakhe ekukhanyeni, akehluleki, kepha abangalungile abalazi ihlazo.


“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda, ngihlenge abendlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba ngiyabazwela. Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo ngiyakubaphendula.


INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –


Ubusisiwe lowo ongayukukhubeka ngami.”


Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


Ovela kuNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke nina aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”


UJesu wathi: “Mina ngize lapha emhlabeni ukuzokwahlulela ukuba abangaboniyo babone, kuthi nababonayo babe yizimpumputhe.”


wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, futhi muhle.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka