Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Hoseya 14:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngubani ohlakaniphileyo, aqonde lezi zinto? ohlakaniphileyo, futhi uyobazi? ngokuba izindlela zikaJehova zilungile, abalungileyo bahamba kuzo; kepha abaphambukayo bayakuwela kukho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 14:9
46 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.


Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye, nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.


Abayikubheka ama-altare abo, umsebenzi wezandla zabo, bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera* nama-altare empepho.


Indlela yabalungileyo iqondile, umkhondo wabaqotho ulungile, uyawenza ukuba ulingane.


Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?


“Bayakufika khona, basuse lapho konke okuzondekayo kwalo nazo zonke izinengiso zalo.


“Kodwa nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.


UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.


“Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.


INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo –


ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti nokho uyinkosi na?” UJesu waphendula wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”


Wathi uJesu: “Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.”


wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka