Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 18:20 - IsiZulu 2020

20 USimakade ungiklomelisile, ngoba ngenza intando yakhe, ungenzele okuhle, ngoba ngimsulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova ungivuzile njengokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 18:20
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye, uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”


“Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho.


Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.


USimakade wangivuza ngokwenza intando yakhe, ngoba ukubonile ukuthi ngimsulwa.


Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa, ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso.


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Yiba nomusa kimi, Simakade, ngokuba ngisenkathazweni, iso lami liyafiphala ngenxa yosizi, nomphefumulo nomzimba wami.


abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owehlulelayo emhlabeni.”


Simakade, Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona ukungalungi ezandleni zami,


Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami nangobuqotho bami.


Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Kodwa ngase ngithi: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ubulungiswa obungifanele bukuSimakade, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”


USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”


ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”


Otshalayo noniselayo bayalingana, yilowo nalowo uyakwemukeliswa owakhe umvuzo ngangokomsebenzi wakhe.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka