Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 18:21 - IsiZulu 2020

21 Ngihlala ngihamba ezinyathelweni zikaSimakade, angikuvumeli ukuziphatha kwababi, kungehlukanise noNkulunkulu wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 18:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wahamba ngendlela ka-Asa, uyise, kaphambukanga kuyo, wenza okulungile phambi kukaSimakade.


UJosiya wasusa zonke izinengiso ezazisemazweni wonke akwa-Israyeli, ezazingezabantu bakwa-Israyeli, wenza ukuba bonke abafunyanwa kwa-Israyeli, bamkhonze uSimakade uNkulunkulu wabo. Ngazo zonke izinsuku zakhe, abantu abachezukanga ekumlandeleni uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa.


Angenzi njengabantu abaningi, ngokuba ngithobela izwi lakho, ngiyazigwema izindlela zezidlova.


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


“Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka