Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 16:15 - IsiZulu 2020

15 UDelila wayesethi kuSamsoni: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, uma inhliziyo yakho ingenami, na? Usungikhohlise kwaze kwaba kathathu, awungitsheli ukuthi yini ekwenza ube namandla angaka.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wayesethi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na? Usudlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi: ‘Ngiyakuthanda, uma inhliziyo yakho ingekimi na?’ Udlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi akuphi amandla akho amakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 16:15
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.


U-Absalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukwethembeka kwakho kumngani wakho, na? Awuhambanga ngani nomngani wakho, na?”


Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.


Lokhu kuyokusindisa kowesifazane ondindayo, nakowezizwe omazwi akhe ayashelela,


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


Ngalokho-ke umkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda, awungithandi neze. Ubuze abantu bakithi imfumbe, kodwa awukaze ungichazele mina.” USamsoni wamphendula wathi: “Bheka, angikaze ngimtshele ubaba noma umama imbala. Pho ngiyakukutshela kanjani wena, na?”


Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni bakhe, wasingcothula isikhonkwane nezintambo ezelukiweyo neziphiciweyo.


Ekugcineni, emva kokumcindezela ngamazwi usuku nosuku, embelesele, waze wacikeka kakhulu uSamsoni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka