Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 16:16 - IsiZulu 2020

16 Ekugcineni, emva kokumcindezela ngamazwi usuku nosuku, embelesele, waze wacikeka kakhulu uSamsoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwasekusithi insuku zonke wamcindezela ngamazwi akhe, wamncenga, waze wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 16:16
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na? Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?


UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.


kodwa-ke ngokuba lo mfelokazi ulokhu engibelesele, ngizakumenzela ubulungiswa, funa ekugcineni angicasule.’ ”


Ngalokho-ke umkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda, awungithandi neze. Ubuze abantu bakithi imfumbe, kodwa awukaze ungichazele mina.” USamsoni wamphendula wathi: “Bheka, angikaze ngimtshele ubaba noma umama imbala. Pho ngiyakukutshela kanjani wena, na?”


Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.


UDelila wayesethi kuSamsoni: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, uma inhliziyo yakho ingenami, na? Usungikhohlise kwaze kwaba kathathu, awungitsheli ukuthi yini ekwenza ube namandla angaka.”


Ngakho-ke wayesemtshela yonke imfihlo yakhe, wathi kuye: “Ikhanda lami alikaze liphucwe ngensingo, ngokuba ngingumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni sikamame. Uma ngigundwa ayophela amandla ami, ngibe ntekenteke, ngifane nabo bonke abantu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka