Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 9:7 - IsiZulu 2020

7 UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela nokukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngibuyisele lonke izwe likayihlo uSawule; futhi kumelwe nidle isinkwa njalo etafuleni lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 9:7
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bafikelwa yingebhe lapho bebona ukuthi bangeniswe endlini kaJosefa, bathi: “Kungenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu ekuqaleni, ngakho-ke silethwe kule ndawo ukuze asizume, asithathe asenze izigqila, aqhwage nezimbongolo zethu.”


Yathi kubo: “Khululekani, ningesabi. UNkulunkulu wenu, uNkulunkulu kayihlo waninika umcebo emasakeni enu. Imali enathenga ngayo ngayithola.” Yayisimkhipha ejele uSimeyoni, yamletha kubo.


Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi.


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi, wena noZiba nizohlukaniselana izwe.”


Inkosi yathi kuBharizilayi: “Wela nami, ngizokondla nami eJerusalema.”


Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.


UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.


UZiba wathi enkosini: “Ngizokwenza njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyale ngakho inceku yayo.” UMefibhoshethi uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.


UMefibhoshethi wayesehlala eJerusalema, edla njalo etafuleni lenkosi; wayenezinyawo ezikhubazekile.


Inkosi yayisithi: “Akusekho noyedwa yini endlini kaSawule engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?” UZiba wathi enkosini: “Ikhona indodana kaJonathani ekhubazekile ezinyaweni.”


“Kepha ube nomusa kumadodana kaBharizilayi wakwaGileyadi, abe phakathi kwabadla ngasefatuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi, mhlazana ngibalekela u-Absalomu, umfowenu.


Wamkhumula izingubo ayezigqoka ejele, wadla naye njalo, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.


Wazikhumula izingubo zakhe zasejele; wadla njalo etafuleni lakhe, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Yehlulelani izehlulelo eziliqiniso, nibe nokwethembeka nozwelo, kube yilowo nalowo komunye.


siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.”


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.


ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.”


Hlala nami, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami nokwakho uyakufuna, kodwa uzovikeleka lapha kimi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka