Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:8 - IsiZulu 2020

8 Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.” Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkosi yayisisukuma, yahlala esangweni; Babikelwa bonke abantu, bathi: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Bonke abantu beza phambi kwenkosi, ngokuba u-Israyeli wayesebalekile, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Absalomu wayevuka ekuseni, ame eceleni kwendlela eya esangweni. Kwakuthi uma kwedlula umuntu onecala eya enkosini ukuze linqunywe, u-Absalomu ambize, athi kuye: “Uvela kumuphi umuzi na?” Umuntu aphendule athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwana zakwa-Israyeli.”


Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


UDavide wayehlezi phakathi kwamasango, elingaphakathi nelingaphandle; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni lomuzi, waphakamisa amehlo akhe, wabona umuntu egijima yedwa.


Inkosi yayisithi kubo: “Ngizokwenza lokho enikubona kufanele.” Ngakho-ke inkosi yema ngaseceleni kwesango, wonke amabutho aphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Abantu bangena benyenya emzini ngalolo lusuku kungathi banamahloni, ngoba bebalekela impi.


Selishonile ilanga, kwedluliswa enkanjini isimemezelo sokuthi: “Yilowo nalowo makabuyele emzini wakubo, ezweni lakubo.”


UJuda wanqotshwa ngu-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


UJoramu wawelela eSayiri nazo zonke izinqola zakhe. Waphuma ebusuku, wabhubhisa abakwa-Edomi ababemzungeze nhlangothi zonke, nezinduna zezinqola. Kepha abantu babalekela emathendeni abo.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka