Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 19:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.” Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkosi yayisisukuma, yahlala esangweni; Babikelwa bonke abantu, bathi: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Bonke abantu beza phambi kwenkosi, ngokuba u-Israyeli wayesebalekile, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 19:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.”


Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.


UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.


Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Abantu bangena emzini ngalolo suku ngokunyenya njengabantu abanamahloni benyenya, bebalekela impi.


Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”


UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka