Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:21 - IsiZulu 2020

21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Absalomu: “Hamba ulale nezancinza zikayihlo, lezo azishiyile ukuba zinakekele isigodlo; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuthi unengwa kangakanani nguyihlo, bese ziyaqina izandla zabo bonke abanawe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Ahithofeli wayesethi ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; wonke u-Israyeli uyakuzwa ukuthi unengwa nguyihlo; khona izandla zabo bonke abanawe ziyakuba namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:21
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Wayeseqonda kuye eceleni komgwaqo, wathi: “Woza ngilale nawe.” Wayengazi ukuthi lo wesifazane ungumalokazana wakwakhe. Owesifazane wambuza wathi: “Uzonginikani uma ngilala nawe na?”


Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.


Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


UJonadaba wathi kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo, kuyothi lapho uyihlo efika ukuzokuhlola, uthi kuye: ‘Ake uvumele uThamari, udadewethu, kube nguye ozongenzela ukudla, akwenze phambi kwami ngimbuka, ukuze ngimbone, ngidle engifunza.’ ”


Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayizancinza abalishumi ukuba banakekele isigodlo.


Wayesethi u-Absalomu ku-Ahithofeli: “Sinike iseluleko sakho, senzenjani, na?”


UHushayi wathi ku-Absalomu: “Iseluleko akweluleke ngaso ngalesi sikhathi u-Ahithofeli, asisihle neze.”


Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


URezoni wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zokuphila zikaSolomoni, ngaphezu kobubi ayebenza uHadadi, wayenengwa kakhulu ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.


Wathi: “Ake ukhulume enkosini uSolomoni, ngokuba akasoze akufulathele wena, ukuba anginike u-Abhishagi waseShunemi abe ngumkami.”


Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abhishagi waseShunemi na? Kungani ungamceleli nombuso, ngokuba ungufowethu? Yebo, wenze kanjalo naku-Abhiyathara, umphristi noJowabe, indodana kaZeruya.”


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkayihlo; bungubunqunu bukayihlo.


“ ‘Umuntu olala nomkayise, wembula ubunqunu bukayise; bobabili bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.”


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.


U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka