Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:22 - IsiZulu 2020

22 U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bammisela u-Abisalomu itende phezu kwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:22
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayizancinza abalishumi ukuba banakekele isigodlo.


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


“ ‘ “Ngokuba igazi elilichithile likuwo; lilichithele edwaleni elingenalutho; alilichithelanga emhlabathini ukuba limbozwe wuthuli.


Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana.


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka