Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 9:6 - IsiZulu 2020

6 Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 9:6
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngifike namuhla emthonjeni, ngase ngithi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, yenza manje ukuba uhambo lwami lube yimpumelelo.


Inkosi yathi kuZadoki, umphristi: “Wena ungumboni yini na? Buyela emzini ngokuthula, wena namadodana amabili, u-Ahimahazi, indodana yakho noJonathani, indodana ka-Abhiyathara.


Kwavela ngaleso sikhathi kwaJuda umuntu kaNkulunkulu, ethunywe nguSimakade, waya eBhethele. UJerobhowamu wayemi e-althare ukuba ashise impepho.


Kwathi ukuba u-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, ezwe ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iziklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, yikhona ezokwazi ukuthi kukhona umphrofethi kwa-Israyeli.”


Umuntu kaNkulunkulu wathi: “Iwele kuphi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa lapho, insimbi yantanta.


Ngubani owesaba uSimakade na? Uyomfundisa indlela okumele ayikhethe.


yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe, enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe, akhulume ngeJerusalema, athi: ‘Liyohlalwa,’ nangemizi yakwaJuda, athi ngayo: ‘Izokwakhiwa,’ nencithakalo, athi ngayo: ‘Ngiyoyivusa.’


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantu bakwa-Israyeli, engakafi;


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


Baziseni kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibhithe endlini kaFaro.


Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Uyabona-ke, ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele mayelana nendlela yethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka