Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 6:14 - IsiZulu 2020

14 Inqola yeza ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, yafike yema lapho. Kwakukhona itshe elikhulu lapho, base beqhekeza izinkuni zenqola benza ngezinkomazi umnikelo wokushiswa kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu; babanda inqola yaba yizinkuni, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inqola yafika ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemi, yema khona lapho kwakukhona itshe elikhulu; bacanda izinkuni zenqola, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 6:14
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UGadi wafika kuDavide ngalolo lusuku, wathi: “Yenyuka wakhele uSimakade i-althare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


U-Arawuna wayesethi kuDavide: “Inkosi yami, inkosi, mayisithathe, inikele ngalokho ekubona kukuhle emehlweni ayo. Bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa, izibhulo, namajoka ezinkabi kungaba yizinkuni.


UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.


U-Elisha wabuyela emuva, wathatha izinkabi ezimbili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngamajoka ezinkabi. Wanika abantu, badla. Wayesesuka walandela u-Eliya, waba yisikhonzi sakhe.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Ngosuku olulandelayo, abantu bavuka ngovivi, bakha i-althare lapho, banikela imihlatshelo yokushiswa nemihlatshelo yokuthula.


bese wakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho phezu kwaleyo nqaba elapho ngokuhlelekileyo, uthathe inkunzi yesibili, uyinikele njengomnikelo wokushiswa phezu kwezinkuni zensika engcwele ozakuyigawula.”


Bheka, kwaqhamuka uSawule eqhuba izinkomo, evela ensimini. USawule wathi: “Bakhalelani kangaka abantu na?” Base bemlandisa ngokwakushiwo ngabantu baseJabheshi.


wathi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile ukuba ngibe khona. Manje-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, vuma ngihambe ngiyobona abafowethu.’ Yingakho-ke engafikanga etafuleni lenkosi.”


AbaseBhethi Shemeshi babevuna ukolo esigodini, lapho bephakamisa amehlo, babona umphongolo, bathokoza nxa bewubona.


namagundane egolide ayeyinani lemizi yonke yamaFilisti eyayibuswa ngamakhosi ayisihlanu, imizi eyizinqaba ebiyelwe nemizana engabiyelwe. Itshe elikhulu lapho kwabekwa khona umphongolo kaSimakade, lingubufakazi ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka