Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 30:21 - IsiZulu 2020

21 UDavide wafika kulabo abangama-200 abangakwazanga ukumlandela ngenxa yokukhathala, wayebashiye ngasemfudlaneni iBhesori; baphuma bayohlangabeza uDavide nabantu ababenaye. UDavide wasondela kubo, wababingelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavida wasefika ebantwini abangamakhulu amabili ababediniwe njalo bengelakulandela uDavida, abahlalisa emfuleni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza amadoda aye naye. Lapho uDavide esondela kubantu, wababingelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 30:21
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Wafika kubantu baseSukhothi, wathi kubo: “Nampa oZebha, noZalimuna enangichukuluza ngabo, nithi: ‘Usubathumbile yini oZebha noZalimuna, ukuba singanika amabutho akho akhathele izinkwa, na?’ ”


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo.


UDavide waqhubeka nokuwaxosha ama-Amaleki yena nabantu abangama-400, kodwa abangama-200 basala ngemuva, ngoba babekhathele ukuba bangawela umfudlana iBhesori.


Izikhohlakali nabangenamsebenzi walutho kulabo bantu ababehambe noDavide, bathi: “Ngenxa yokuba bengahambanga nathi, asiyukubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba bathathe abafazi babo nezingane zabo bahambe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka