Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 19:5 - IsiZulu 2020

5 Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 19:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.


Bama phakathi nesiqinti sezwe, basivikela, bawabulala amaFilisti. USimakade wabasindisa ngokusindisa okukhulu.


Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kepha akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


wathi: “Ngonile ngakhaphela ongenacala.” Bona bathi: “Pho uthi asenzeni thina? Zibonele wena.”


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”


ngokuba ubaba wanilwela, wabeka impilo yakhe ebucayini, wanikhulula esandleni sabakwaMidiyani,


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.


USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.”


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”


U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?


Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka