Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 19:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 19:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.


Bazifaka phakathi kwaleyo mpahla, bayinikela, bawabulala amaFilisti; uJehova wabakhulula ngokusindisa okukhulu.


Labo abathathu bafohla impi yamaFilisti, baka amanzi emthonjeni waseBhetelehem owawusesangweni, bawathatha, bawayisa kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, wawathululela kuJehova;


Babuyisela ububi bami ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, kepha umthetho wakho angiwukhohlwa.


Yebo, makangajabhiswa noyedwa okulindileyo; mabajabhe abeqa ngeze.


Abangizondayo ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; labo ababefuna ukungibhubhisa, ngoba beyizitha zami, banamandla; ngase ngibuyisela lokho engingakuthathanga.


Babuthanela umphefumulo wolungileyo, balilahle igazi elingenacala.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.


Kodwa niyazi ngokuqinisekile ukuthi uma ningibulala, ngokuqinisekile niyoletha igazi elingenacala phezu kwenu naphezu kwalo muzi naphezu kwabakhileyo kuwo; ngoba isibili iNkosi ingithumile kini ukukhuluma wonke lamazwi ezindlebeni zakho.


Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.


esithi: Ngonile ngokukhaphela igazi elingelacala. Basebesithi: Kuyini kithi lokho? bheka wena.


Kodwa lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke ilizwi elilotshiweyo emthethweni wabo elithi: Bangizonda ngeze.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Lapho ngibona ukuthi aningikhululanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukele kimi namuhla ukulwa nami. Mina?


(Ngokuba ubaba wanilwela, wabeka ukuphila kwakhe engozini kude, wanisindisa esandleni sakwaMidiyani.


USawuli wasesithi: Kakungabulawa muntu lamuhla, ngoba lamuhla iN kosi iyenzele uIsrayeli insindiso.


Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi.


USawuli walilalela ilizwi likaJonathani, uSawuli wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, kayikubulawa.


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni.


U-Ahimeleki wayeseyiphendula inkosi, wathi: “Ngubani phakathi kwezinceku zakho zonke othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, ohamba ngokomyalo wakho, odumileyo endlini yakho, na?


Owesifazana wasesiza kuSawuli, wabona ukuthi ukhathazekile kakhulu, wathi kuye: Khangela, incekukazi yakho ililalele ilizwi lakho, njalo nginikele impilo yami esandleni sami, ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka