Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 19:4 - IsiZulu 2020

4 UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingoni encekwini yayo uDavide; ngoba akonanga kuwe langenxa yokuthi imisebenzi yakhe yayimihle kakhulu kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 19:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabaphendula wathi: “Angishongo yini ukuthi: ‘Ningakwenzi okuyisono kumfana,’ nangangilalela na? Manje igazi lakhe selifuneka kithi.”


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


“Uma umuntu ona omunye, kufuneka ukuba enze isifungo, bese eza ezofunga phambi kwe-althare lakho kule ndlu,


Okuhle engikwenzile bakubuyisela ngokubi, inhliziyo yami bayiswabisile.


Ziyagijima, zizilungisele, ngingenacala, vuka ungihlangabeze, uzibonele ngawakho.


Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyukusuka endlini yakhe.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKhristu.


Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade.


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”


U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka