Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 19:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingoni encekwini yayo uDavide; ngoba akonanga kuwe langenxa yokuthi imisebenzi yakhe yayimihle kakhulu kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 19:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.”


Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.


“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,


Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele.


Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.


Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.


Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.


Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu.


Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumahlulela, kepha uma umuntu ona kuJehova, uyakulanyulelwa ngubani na?” Kodwa awalalelanga izwi likayise, ngokuba uJehova wayethanda ukuwabulala.


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”


U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka