Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 AmaLevi uyakuwanika u-Aroni namadodana akhe; baphiwa kuye besuka phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 3:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavida wasesithi: Kakulamuntu ongathwala umphongolo kaNkulunkulu, ngaphandle kwamaLevi, ngoba bakhethile uJehova ukuthi athwale umphongolo kaNkulunkulu, bamkhonze kuze kube nininini.


Futhi yibo abalinda nabantwana babo. Kumadodana amaKohati: nguHemani umculi, indodana kaJoweli, indodana kaSamuweli,


AmaNethini: abantwana bakwaSiha, abantwana bakwaHasufa, abantwana bakwaThabawoti,


Bamisa abapristi ngezigaba zabo namaLevi ngezigaba zabo enkonzweni kaNkulunkulu eseJerusalema; njengokulotshiweyo egwalweni lukaMozisi.


nakubakhonzi basethempelini uDavide nezikhulu ababebamise enkonzweni yamaLevi, amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili; zonke ezishiwo ngamagama.


Kuncane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unahlukanisile nenhlangano yakwa-Israyeli ukuba anisondeze kuye ukuze nisebenze inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwebandla ukuze nikhonze?


Futhi nabafowenu esizweni sakwaLevi, isizwe sikayihlo, woza nawe kanye nabo, ukuze bazihlanganise nawe, bakukhonze; kodwa wena lamadodana akho kanye lawe lizakhonza phambi kwethabhanekele lobufakazi.


Kumelwe bagcine zonke izinto zetende lokuhlangana nenkonzo yabantwana bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wenkonzo yetende.


Ngakho kumelwe uwahlukanise amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi abe ngawami.


Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona.


Ngathatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.


Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele.


Wapha abanye ukuthi babe ngabaphostoli; labanye abaprofethi; labanye, abavangeli; labanye bangabelusi labafundisi;


Ngakho uthi: Esenyukele phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka