UNumeri 3:8 - Contemporary Zulu Bible 20248 Kumelwe bagcine zonke izinto zetende lokuhlangana nenkonzo yabantwana bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wenkonzo yetende. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE8 Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.* Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20208 Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli. Uka jalj uñjjattʼäta |
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.