Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 3:9 - IsiZulu 2020

9 Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 AmaLevi uyakuwanika u-Aroni namadodana akhe; baphiwa kuye besuka phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 3:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”


Yilaba ababema namadodana abo: kumadodana amaKhohathi: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli, kaSamuweli,


Izisebenzi zasethempelini yilezi: abozalo lukaZiha, lukaHasufa, lukaThabhawothi,


Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose.


ngaphezu kwama-220 ezisebenzi zasethempelini ezaziqokwe nguDavide nezikhulu zakhe ukuba belekelele abaLevi, ababizwe bonke ngamagama abo.


akwanele yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unehlukanisile enhlanganweni yakwa-Israyeli, ukuba nisondele kuye ukuze nenze inkonzo yethabanakeli likaSimakade nokuba nime phambi kwenhlangano, nibe yizisebenzi zayo,


Abafowenu, besizwana sakwaLevi isizwana sikayihlo, basondeze nabo ukuze bahlanganiswe nawe, bakukhonze. Kepha wena, namadodana akho, niyoba ngaphambi kwethende lobufakazi.


Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli.


AbaLevi uyobehlukanisa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, abaLevi bayoba ngabami.


Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami.


Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli.


AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”


NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


Ngakho kuthi: “Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe, wapha abantu izipho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka