Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:1
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Le nto ayenzayo yayingalungile emehlweni kaJehova; ngalokho naye wambulala.


Kwathi sesiphelile ukulila, uDavida wathumela wamletha endlini yakhe, waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kodwa le nto uDavide ayenzile yayingalungile emehlweni kaJehova.


U-Eliya waphendula wathi kubo: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukudle wena namashumi omahlanu akho. Wehla umlilo kaNkulunkulu ezulwini, wayiqeda yena namashumi ayisihlanu akhe.


Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.


Kwavutha umlilo ebandleni labo; ilangabi lashisa ababi.


Ngakho uJehova wakuzwa wathukuthela;


Umlilo waqeda izinsizwa zabo; namadodakazi abo abendiswanga.


Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova; ngoba uyezwa ukukhonona kwenu ngoJehova. Thina siyini ukuthi nikhonone ngathi?


UMozisi wasesithi kuAroni: Tshono kuyo yonke inhlanganiso yabantwana bakoIsrayeli, uthi: Sondelani phambi kweNkosi, ngoba ikuzwile ukukhonona kwenu.


Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, oNgcwele wakhe abe yilangabi; ngolunye usuku luyoshisa futhi luqede ameva alo namakhakhasi alo;


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Kungani umuntu ophilayo, umuntu ekhononda ngokujeziswa kwezono zakhe?


Njengalokho ngalwa naboyihlo ehlane laseGibithe, kanjalo ngiyakulwa nani, isho iNkosi uJehova.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.


Izintaba ziyathuthumela ngenxa yakhe, namagquma ayancibilika, nomhlabathi uyasha phambi kobuso bakhe, yebo, umhlaba nabo bonke abahlala kuwo.


Isifo sahamba phambi kwakhe, namalahle avuthayo aphuma ezinyaweni zakhe.


Basuka entabeni yeNkosi ibanga lezinsuku ezintathu, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ohambweni lwezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.


Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.


Base bethi: “Impela uJehova wakhuluma ngoMose na?” Akakhulumanga na ngathi? Futhi iNkosi yezwa.


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule!


Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;


Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami.


Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini.


Kungani wena nesixuku sakho sonke nibuthanele uJehova, u-Aroni uyini ukuba nikhonone ngaye na?


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi udondolo lomuntu engiyomkhetha luyoqhakaza; ngizakwenza ukuthi kimi ukukhonona kwabantwana bakoIsrayeli abakhonona ngakho ngani.


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.


Futhi ningabubuli njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbhubhisi.


Ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya ingemuva lakho, bonke ababuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele futhi ukhathele; futhi akazange amesabe uNkulunkulu.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


EThabera naseMasa naseKibroti-Hatava nimthukuthelisa uJehova.


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Bhekani, inkokhelo yezisebenzi ezivune amasimu enu, eniyigodlile ngobuqili, iyakhala; nokukhala kwabavuniyo kungene ezindlebeni zeNkosi yamabandla.


Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka