Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Abantu bambiza uMose; lapho uMose ekhuleka kuJehova, umlilo wacisha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Abantu bakhala kuMose. UMose wakhuleka kuSimakade, umlilo wabohla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


Wasesuka kuFaro, wakhuleka eNkosini.


Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabishake, inkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, emthumile ukuba ahlambalaze uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngakho phakamisa umkhuleko wakho ngenxa yensali eseleyo.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


Inkosi uZedekiya yathuma uJehukali indodana kaShelemiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi kuJeremiya umprofethi ukuthi: “Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;)


U-Aroni wayesethi kuMose: “Awu, nkosi yami, isono asikho phezu kwethu esenzé ngobuwula ngaso futhi esone ngaso.


UMose wakhuleka kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, msize, ngiyakukhuleka kuwe.”


Ngalokho abantu beza kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi. UMose wabakhulekela abantu.


USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka