Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:1 - IsiZulu 2020

1 Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:1
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Leyo nto ayenza yaba yimbi emehlweni kaSimakade, wayesembulala naye.


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


Kepha wabaphendula wathi: “Uma ngiyindoda kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini uniqothule, wena nalaba abangama-50.” Umlilo kaNkulunkulu wehla ezulwini wayiqothula nabangama-50 eyayinabo.


Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Iviyo labo lathungelwa ngomlilo, ilangabi labashisa labaqeda ababi.


Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho, wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe, ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli,


Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo.


Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?”


UMose wathi ku-Aroni: “Tshela bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Sondelani kuSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu.’ ”


Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, kuthi oNgcwele ka-Israyeli abe yilangabi; kuyakushisa kuqothule ameva namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.


Njengalokhu ngehlulelana nokhokho benu ehlane eGibhithe, ngiyakwehlulelana nani kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.


Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.


Basuka entabeni kaSimakade, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu. Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu, ukubafunela indawo yokuphumula.


“Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, niyokudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaSimakade, nathi: “Ngubani oyosipha inyama yokuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibhithe;” yingakho nje uSimakade ezoninika inyama ukuba niyidle.


Bathi: “Ngabe uSimakade ukhuluma ngoMose kuphela na? Akakhulumile yini nangathi na?” USimakade wakuzwa lokho.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


“Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami.


Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami.


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


ukuthi wakuhlangabeza endleleni, wakuhlasela kanjani ngasemuva, ebulala bonke ababebuthakathaka bekhathele, betotoba emva kwakho; akazange amesabe uSimakade.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


“EThabhehera, eMasa naseKibhirothi Hathava, namthukuthelisa uSimakade.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka