Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi kwa-Israyeli; wena no-Aroni niyakubabala ngokwamabutho abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 1:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe wayinika inkosi umumo wokubalwa kwabantu; kwakukhona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayengamadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu amahlanu.


Abantwana bakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase, emadodeni anamandla, ahloma izikhali nezinkemba, acibishela idandili, anekhono lokulwa, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, abaphuma umkhosi empini.


Ngaphezu kwalokho, u-Amaziya wabizela ndawonye uJuda futhi wabenza izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ngokwezindlu zoyise kulo lonke elakwaJuda noBhenjamini; amadoda, akwazi ukuya empini, ekwazi ukuphatha umkhonto nesihlangu.


Kumelwe uwugcine umkhosi wesinkwa esingenamvubelo; ngoba ngalona lolosuku ngikhiphile amabutho akho elizweni leGibhithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu kube yisimiso esiphakade.


Wonke umuntu odabula kwababaliweyo, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.


ibheka ngendoda, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi ayisihlanu.


Izidumbu zenu zizawela ogwadule; nabo bonke ababalwayo kini ngokwenani lenu lonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononda ngami.


Balani inani lebandla lonke labantwana bakoIsrayeli, kusukela koleminyaka engamatshumi amabili langaphezulu, ngensendo zabo, bonke abangaphuma impi kwaIsrayeli.


Bala abantwana bakwaLevi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo: bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu uyakubabala.


Ngempela, amadoda akhuphuka eGibhithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngeke alibone izwe engalifunga ku-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngoba abangilandelanga ngokuphelele.


Lezi ziyizohambo zabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose no-Aroni.


kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.


Lapho umuntu ethatha umfazi omutsha, kayiyikuphuma impi, njalo angeze athwesa omunye umsebenzi; kodwa kumelwe akhululeke ekhaya unyaka owodwa, nomkakhe amthathile, ejabule.


Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka