Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 1:3 - IsiZulu 2020

3 kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi kwa-Israyeli; wena no-Aroni niyakubabala ngokwamabutho abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 1:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.


Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, kwakungamadoda anamandla, aphatha ihawu nenkemba, ansale umnsalo futhi eqeqeshelwe ukulwa, ayeyizi-44 760 aya empini,


U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu.


Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.


Yilowo nalowo osebaliwe, oneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu uyonikela umnikelo kuSimakade.


Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.


Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami,


“Balani inani layo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwezindlu zokhokho babo, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma baye empini.”


“Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo.


Nansi indlela abantu bakwa-Israyeli abahlelwa ngayo ngokwamathimba abo, ngesikhathi bephuma eGibhithe beholwa nguMose no-Aroni.


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.


“Uma umuntu esanda kuthatha umfazi, akayukuphuma aye empini, futhi akayukunikwa noma yimuphi umsebenzi; uyohlala ekhaya ekhululekile unyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.”


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka