Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niyakudla lapho phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nijabule ngakho konke enibeka kukho isandla senu, nina nezindlu zenu uJehova uNkulunkulu wenu akubusisile kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:7
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wadla, waphuza ngokuthokoza okukhulu phambi kukaJehova ngalolo suku. Basebembeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova abe ngumbusi omkhulu, noSadoki abe ngumpristi.


UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe.


Futhi ukuthi wonke umuntu adle, aphuze, ajabulele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe, lokhu kuyisipho sikaNkulunkulu.


Bheka, engakubonayo: kuhle, kumnandi kumuntu ukuba adle, aphuze, athokozele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuhamba kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngoba kuyisabelo sakhe.


Impahla yalo nenkokhelo yalo kuyakuba ngcwele kuJehova; angeke igcinwe noma igcinwe kude; ngoba ukuthengisa kwalo kuzakuba ngeyabahlala phambi kweNKOSI, lokusutha lokudla lezembatho eziqinileyo.


Kodwa labo abakubuthayo bazakudla badumise uJehova; nabayibuthileyo bayoyiphuza emagcekeni ami angcwele.


Lokhu kungokwesikhulu; isikhulu, kumelwe sihlale kulo ukuba sidle isinkwa phambi kukaJehova; kumelwe angene ngompheme walelo sango futhi aphume ngendlela yakhe.


Inyama ayinqunywanga yini phambi kwamehlo ethu, yebo, intokozo nentokozo endlini kaNkulunkulu wethu?


Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Ngosuku lokuqala kumelwe nizithathele amagatsha emithi emihle, amagatsha esundu namagatsha ezihlahla eziminyene nemizaneni emfuleni; nijabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.


Futhi lokhu nikwenzile ngokusibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, ngokukhala nangokumemeza, ukuze angabe esabanaka umhlatshelo, angawemukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.


Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena namadodana akho namadodakazi akho nezinceku zakho nezincekukazi zakho nomLevi osemasangweni akho; ngoba akanasabelo nafa kanye nawe.


Kepha uyakukudlela phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho; uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho ngakho konke obeka izandla zakho kukho.


Akumelwe nenze njengazo zonke izinto esizenzayo lapha namuhla, wonke umuntu olungile emehlweni akhe.


Uyakudla okweshumi kukakolweni wakho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, namazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho, phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha ukumisa igama lakhe kuyo; ukuze ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.


Kumelwe ukhiphe leyo mali kukho konke umphefumulo wakho okufisayo, ngezinkomo noma ngezinkomo noma ngewayini noma ngophuzo olunamandla noma kukho konke umphefumulo wakho okufisayo; udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ujabule, wena nendlu yakho;


Kumelwe ukudle iminyaka ngeminyaka phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nendlu yakho.


Kumelwe ujabule ngazo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wakho akunike zona wena nendlu yakho, wena nomLevi nomfokazi ophakathi kwakho.


Kumelwe ninikele imihlatshelo yokubonga, nidle khona, nijabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.


Ngoba anikhonzanga uJehova uNkulunkulu wenu ngentokozo langokuthokoza kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto zonke;


Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka