Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:7 - IsiZulu 2020

7 Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niyakudla lapho phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nijabule ngakho konke enibeka kukho isandla senu, nina nezindlu zenu uJehova uNkulunkulu wenu akubusisile kuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:7
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Badla, baphuza phambi kukaSimakade ngalolo lusuku, bathokoza kakhulu. USolomoni, indodana kaDavide, baphinda okwesibili bambeka, bamgcobela uSimakade ukuba abe ngumbusi, uZadoki abe ngumphristi.


Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,


futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.


Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


kodwa bayokudla abakuqoqileyo, badumise uSimakade, nabaliqoqileyo bayoliphuzela emagcekeni endlu yami engcwele.”


Kepha isikhulu yisikhulu, sona siyakuhlala kulo, sidle phambi kukaSimakade, singene ngendlela yompheme wesango, futhi siphume ngendlela yawo.”


Akuqothulwanga yini ukudla phambi kwamehlo ethu, kwaphela intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.


Ngosuku lokuqala niyothatha izithelo zemithi emihle, amagatsha amasundu, namagatsha emithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nithokoze phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, izinsuku eziyisikhombisa.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


“Aniyukuzenza zonke izinto esizenza lapha namuhla, njengoba yilowo nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe,


Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.


Uyothenga ngaleyo mali noma yini inhliziyo yakho eyithandayo: izinkabi, izimvu, iwayini, uphuzo olunamandla, noma yini efunwa yinhliziyo yakho, uyodla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthokoze, wena nabendlu yakho;


Wena nabendlu yakho, niyolidla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, iminyaka ngeminyaka, endaweni uSimakade ayakuyikhetha.


uyothokoza ngakho konke okuhle uSimakade uNkulunkulu wakho akunike khona, wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwenu.”


Uyonikela iminikelo yokuthula, uyidlele khona lapho, wename phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


ngokuba awumkhonzanga uSimakade uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, ngenxa yobuningi bezinto.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka