Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 19:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 19:13
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.


Engingakuboniyo wena uyangifundisa; uma ngonile, angisayikwenza.


Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.


Hamba ezinyathelweni zami ngokwezwi lakho, makungabuswa ububi phezu kwami.


Ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami.


Isivikelo sami sikuNkulunkulu, osindisa abaqotho ngenhliziyo.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


Kepha uma umuntu efika kumakhelwane wakhe ngokugabadela, ukumbulala ngobuqili; kumelwe umsuse e-altare lami, ukuze afe.


Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,


Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;


Uma omunye wabantu bezizwe ona ngokungazi, enze utho oluphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, abe necala;


Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.


Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka