Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 19:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, mandla ami nomsindisi wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Amazwi omlomo wami, nezizindlo zenhliziyo yami, makwemukeleke kuwe Simakade; dwala lami nomhlengi wami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 19:14
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngiyazi ukuthi uMsindisi wami uyaphila, nokuthi ekupheleni kwezinsuku uyakuma emhlabeni.


Ukuzindla kwami kuye makube mnandi; ngiyakuthokoza ngoJehova.


Yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, Jehova, ungifundise izahlulelo zakho.


Jehova, vula izindebe zami; futhi umlomo wami uyoshumayela indumiso yakho.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Ngenxa yenu ngathumela eBabele, ngehlisela phansi zonke izikhulu zabo namaKaledi akukhala emikhunjini.


Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.


UMhlengi wethu, igama lakhe nguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;


Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka