Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 19:13 - IsiZulu 2020

13 Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 19:13
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.


Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’


Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.


Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo.


Ngangingenasici phambi kwakhe, ngaziqhelelanisa nesono.


Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”


“ ‘Uma kone yonke inhlangano yakwa-Israyeli ingahlosile, leyo nto ifihleke emehlweni ebandla, yenza noma ikuphi okunye okusemthethweni kaSimakade ayale ukuba kungenziwa, yaze yazenzela icala;


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


“ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,


“ ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephula noma yimuphi umyalo kaSimakade ayale ukuba ungephulwa, aze azilethele icala,


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka