Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; ngokuba bona namakamela abo babengenakubalwa, bangena ezweni ukuba balichithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Aliyikuhlalwa naphakade, nezizukulwane ngezizukulwane aliyikuhlalwa; umArabhi ngeke agxumeke itende lapho; abelusi kabayikwenza mhlambi lapho.


Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela akwaMidiyani nase-Efa; lonke iSheba liyofika; igolide nempepho bayoletha; futhi bayoshumayela izindumiso zikaJehova.


Bayogawula ihlathi lakhe, usho uJehova, nakuba lingenakuphenywa; ngoba baningi kunesikhonyane futhi abanakubalwa.


Bayakuthatha amatende abo nemihlambi yabo; kumelwe bazithathele izindwangu zabo zamatende nazo zonke izitsha zabo namakamela abo; futhi bayobiza kubo: Ukwesaba kusizungezile!


Amakamela abo ayakuba yimpango, nemfuyo yabo eminingi ibe yimpango; futhi labo abasezindaweni ezikude ngiyobahlakazela kuyo yonke imimoya; futhi ngiyoletha ukubhujiswa kwabo kuzo zonke izinhlangothi zalo,” kusho uJehova.


UJehova Sebawoti wafunga ngaye, wathi: “Impela ngiyakukugcwalisa ngabantu njengangezinkumbi; futhi bayophakamisa ukukhala ngokumelene nawe.


Isithelo sezwe lakho nomsebenzi wakho wonke kuyakudliwa yisizwe ongasazi; futhi uyochotshozwa njalo uchotshoziwe.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.


USeba noSalimuna baseKarkori, namabutho abo kanye nabo, kungathi amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke abaseleyo kuwo wonke amakamu abantwana basempumalanga; ngoba kwawa amadoda ayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ahloma inkemba.


Base bethi oSeba noSalimuna: “Sukumani, nisihlasele, ngokuba anjalo umuntu amandla akhe.” UGideyoni wasukuma, wabulala oSheba noSalimuna, wathatha imihlobiso eyayisezintanyeni zamakamela abo.


UDavide wababulala kusukela kusihlwa kwaze kwaba kusihlwa ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazigibele amakamela, zabaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka