Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 6:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; ngokuba bona namakamela abo babengenakubalwa, bangena ezweni ukuba balichithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 6:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.


Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseSheba bayakuza, balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.


Bagawula ihlathi lalo,” usho uJehova, “ngokuba alinakuhanjwa, lokhu bebaningi kunesikhonyane, bengenakubalwa.


Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’


Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.


UJehova Sebawoti uzifungile wathi: Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi, bayakuhalalisa nokho ngawe.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.


Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.


UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka