Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.
Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare,
Izikhulu zahlabela ukunikezelwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, yebo, izikhulu zanikela ngomhlatshelo wazo phambi kwe-altare.
USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe-altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.
Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*
Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.
Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,
UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”
Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,
izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe.
“Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.