Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 “Izinduna ziyothi kubantu: ‘Iyiphi indoda eyakhe indlu entsha engakayivuli, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isale iyivula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izinceku ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakha indlu entsha, ongayingcwelisanga? makahambe abuyele endlini yakhe, funa afe empini, omunye ayingcwelise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 20:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*


Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.


UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.


Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:


“Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.


uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka