Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Iyiphi indoda etshale isivini engakazidli izithelo zaso, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 “Ngumuphi lowo otshale isivini kodwa engakasidli na? naye makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, adle omunye umuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 20:6
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.


Uyakubuye utshale izivini ezintabeni zaseSamariya; abatshali bayakuzitshala, badle izithelo zazo.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?


“Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.


Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka