Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngosuku uMose alimisa ngalo itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nezitsha zalo zonke, ne-altare nezitsha zalo zonke, waligcoba, walingcwelisa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 7:1
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


“Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”


Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe ngumnikelo wesono, ube ngowokubuyisana, uhlambulule i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.


Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.


“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.


Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.


Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,


izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe.


Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka