Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 6:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 “Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kumelwe babeke igama lami kubantwana bakwa-Israyeli; futhi ngizobabusisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 6:27
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi: “Angihambe, ngokuba sekuyasa.” Kepha wathi: “Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”


UJakobe wayesembuza ethi: “Ake ungitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na?” Wayesembusisa khona.


Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?


UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.


UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.


ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.


onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa.


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka