izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
UNumeri 26:64 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. IsiZulu 2020 Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha phakathi kwabo kwakungekho noyedwa kubo uMose no-Aroni umpristi abababalayo lapho bebala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. |
izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.
Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?
Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe.